Isifiso Sakhe Singakimi
Owesilisa uyamdumisa kusukela ezinyaweni zakhe ezifake izimbadada kuze kube ezinweleni, ejabula ngaye obala. Yena akakugwemi lokho. Uthi isifiso singesabo bobabili futhi singesakhe, bese emhola amyise ezivinini nasemizaneni, lapho amgcinele khona izithelo.
7 1Yeka ubuhle bezinyawo zakho emanyathelweni, ndodakazi yohlanga oluhloniphekileyo! Amathambo amathanga akho afana namatshe ayigugu, umsebenzi wezandla zengcweti enobuciko. 2Inkaba yakho iyindishi eyindilinga engasweli iwayini elixutshiwe. Isisu sakho siyinqwaba kakolweni ezungezwe yiminduze. 3Amabele akho omabili afana namazinyane amabili, amawele ayinsephe. 4Intamo yakho ifana nombhoshongo wophondo lwendlovu. Amehlo akho angamachibi aseHeshibhoni, ngasesangweni laseBhati-Rabimi. Ikhala lakho lifana nombhoshongo waseLebhanoni, obheke ngaseDamaseku. 5Ikhanda lakho likwembethe umqhele njengeKarmeli, nezinwele zakho ezehlayo zifana nokububende; inkosi ibanjwe yisithunzi sazo. 6Yeka ubuhle nokumnandi kwakho, thando lami, nazozonke izinjabulo zakho! 7Isiqu sakho sifana nesundu, namabele akho afana namahlukuzo aso. 8Ngathi: “Ngizokhwela esundwini ngibambe izithelo zalo.” Sengathi amabele akho angafana namahlukuzo omvini, nephunga lokuphefumula kwakho lifane nama-aphula, 9nomlomo wakho ufane newayini elihle kakhulu. Ligobhozela isithandwa sami kamnandi, lisheshela kalula ezindebeni nasemazinyweni.
10Mina ngingowesithandwa sami, nesifiso saso singakimi. 11Woza, sithandwa sami, masiphumele emasimini silale ebusuku emizaneni. 12Masivuke ekuseni siye ezivinini sibone ukuthi imivini isihlumile yini, ukuthi izimbali sezivulekile na nokuthi amahalananda asebhahlile. Lapho ngizokunika khona uthando lwami. 13Amakhambi anuka kamnandi, naphezu kweminyango yethu kukhona zonke izithelo ezihle kunazo zonke, ezintsha nezindala, engizibekelele wena, sithandwa sami. a a v13 Amakhambi (amandrake) ayizitshalo ezinuka kamnandi okwakukholelwa kabanzi ezweni lasendulo ukuthi avusa isifiso sothando futhi akhulisa ukuzala.