Isisindo Sesono Sami
Ihubo likaDavide, elokukhumbuza.
Egula, izilonda zakhe zibola, eshiywe ngabangane ngenkathi izitha zakhe zakha amacebo, uDavide ulandelela isimo sakhe esonweni sakhe futhi akaphikisani nabammangalelayo. Uhlala ethule njengesithulu futhi ulinda uBaba wakhe, okuwukuphela komuntu alindele ukuthi amphendule.
38 1Awu Baba wami, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. 2Ngokuba imicibisholo yakho ingene shi kimi, nesandla sakho sehlele nzima phezu kwami. 3Akukho kuphila emzimbeni wami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho kuphelela emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4Ngokuba izono zami zikhukhumele phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo, zisinda kakhulu kimi. 5Izilonda zami ziyanuka ziyavunda ngenxa yobuwula bami. 6Ngigobile ngathotshiswa phansi; usuku lonke ngihambahamba ngilila. 7Ngokuba izinhlangothi zami zivutha umlilo, akukho kuphelela enyameni yami.
8Ngibuthakathaka ngachotshozwa nya; ngiyabubula ngenxa yokuyaluza kwenhliziyo yami. 9Awu Baba oyiNkosi, konke ukulangazela kwami kuphambi kwakho, nokububula kwami akufihlakele kuwe. 10Inhliziyo yami iyagquma, amandla ami ayangiphelela; ngisho nokukhanya kwamehlo ami sekungishiyile. 11Abangani bami nozakwethu bema kude nenhlupheko yami, nezihlobo zami eziseduze zima kude.
12Abafuna ukuphila kwami babeka imigibe yabo; abafuna ukungilimaza bakhuluma ngokubhubhisa, bazindla inkohliso usuku lonke. 13Kodwa mina nginjengesithulu esingezwa, njengesimungulu esingakhulumi nesingawuvuli umlomo waso. 14Senginjengomuntu ongezwayo, ongenampendulo emlonyeni wakhe. 15Kodwa ngilindele wena, Baba wami; nguwe oyakuphendula, Awu Baba wami oyiNkosi.
16Ngokuba ngathi: “Mabangaze bangiklolodela— labo abazidla ngami lapho unyawo lwami lushelela.” 17Ngokuba sengiseduze nokuwa, nobuhlungu bami buhlala buphambi kwami. 18Ngiyalivuma icala lami; ngikhathazekile ngesono sami. 19Kodwa izitha zami ziphilile zinamandla, baningi abangizonda ngeze.
20Abangibuyisela okubi ngokuhle bayangisola ngokuba ngiphishekela okuhle. 21Ungangilahli, Baba wami; ungabi kude nami, Baba wami. 22Sheshisa ukungisiza, Awu Baba oyiNkosi, nsindiso yami.