UBaba Ubona Ukukhala Kwabacindezelwe
Amaholo avinjelwe abavuni ayakhala futhi afinyelela ezindlebeni zikaBaba wamabutho asezulwini; izicebi ezabuthelela ingcebo zitshelwa ukuba zikhale. Bonke abanye batshelwa ukuba balinde njengomlimi, bathandaze lapho behlupheka, bavumelane izono, futhi balandele lowo odukayo.
5 1Wozani manje, nina enicebile, khalani nibubule ngenxa yezinhlupheko ezizayo phezu kwenu. 2Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu. 3Igolide lenu nesiliva yenu kuthombile; ukuthomba kwakho kuyakunifakazela ngokunimelene, kushise inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokugcina. 4Bhekani: iholo enaligodla kubasebenzi ababevuna amasimu enu liyakhala, nokukhala kwabavuni sekufinyelele ezindlebeni zikaBaba wamabutho asezulwini. 5Naphila emhlabeni ngokunethezeka nangokuzitika. Nazikhuluphalisa izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlatshwa. 6Nimlahlile nambulala olungileyo, ongamelani nani.
Lindani Ngezinhliziyo Ezibekezelayo
7Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kufike iNkosi. Cabangani ngomlimi: ulindela ngokubekezela izithelo eziyigugu zomhlaba, aze athole imvula yokuqala neyokugcina. 8Nani bekezelani. Qinisani izinhliziyo zenu, ngoba ukufika kweNkosi sekusondele. 9Ningakhonondelani, bazalwane, funa nahlulelwe. Bhekani—uMahluleli umi eminyango. 10Bazalwane, thathani abaprofethi abakhuluma egameni likaBaba wethu njengezibonelo zokuhlupheka nokubekezela. 11Bhekani, sithi babusisiwe labo ababekezela. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, nabona lokho uBaba wethu akwenzayo—uBaba wethu ucebile ngesihawu nobubele.
12Ngaphezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi—nangezulu, nangomhlaba, nangesinye isifungo. Uyebo wenu makube nguyebo, ucha wenu kube ngucha, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
Umkhuleko Wokholo Uyaphilisa
13Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? Makakhuleke. Ukhona yini ojabulayo? Makahlabelele izingoma zokudumisa. 14Ukhona yini ogulayo phakathi kwenu? Makabize abadala bebandla, bese abadala bekhuleka phezu kwakhe, bemgcoba ngamafutha egameni leNkosi. 15Umkhuleko wokholo uyakumsindisa ogulayo, iNkosi iyakumvusa. Uma eke wona, uyakuthethelelwa. 16Ngakho vumani izono zenu komunye nomunye, nikhulekelane, ukuze niphiliswe. Umkhuleko womuntu olungileyo unamandla uyasebenza. 17U-Eliya wayengumuntu onjengathi, wakhuleka ngokuzimisela ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. 18Wabuye wakhuleka, izulu lanika imvula, umhlaba wathela izithelo zawo.
19Bazalwane bami, uma kukhona phakathi kwenu oduka eqinisweni, omunye abuye ambuyise, 20yazini lokhu: lowo obuyisa isoni endleleni yaso ephambene uyawusindisa umphefumulo waso ekufeni, asibekele izono eziningi.